Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Konke kugcwele umshikashika; umuntu akanakukukhuluma: iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayisuthi ngokuzwa.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 1:8
16 Referans Kwoze  

Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.


“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.


Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.


Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.


Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.


Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.


“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe, nokho iphango alaneliswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite