Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 1:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Okuyisigwegwe ngeke kuqondiswe, futhi okushodayo akunakubalwa.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 1:15
10 Referans Kwoze  

Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa.


Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.


Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?


Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na?


Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula, nobuwula ukuthi bungubuhlanya.


UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite