Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuphenya ngokuhlakanipha ngakho konke okwenzeka phansi kwezulu: lo mzamo wosizi uNkulunkulu awunike abantwana babantu ukuba baqeqeshwe ngawo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 1:13
22 Referans Kwoze  

Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.


Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.


Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.


Ngase ngiphenduka ukuba inhliziyo yami yazi, ihlole, ifune ukuhlakanipha nendikimba yezindaba ukuyokwazi ububi ukuthi bungubuwula, nobuwula ukuthi bungubuhlanya.


Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi, nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.


Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.


Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.


Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.


Ubumnyama bubekelwa umkhawulo; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.


Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.


Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.


Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi, nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.


Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into, kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite