Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngokuba indodana iphatha kabi uyise; indodakazi ivukela unina; umakoti umelana noninazala, nezitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngoba indodana idelela uyise, indodakazi ivukela unina, umalokazana kuninazala; izitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:6
24 Referans Kwoze  

bayakwahlukana, uyise nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalokazana wakhe, umalokazana noninazala.”


“Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.


Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.


“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’


“Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina.


Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.


Kepha waphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela.


Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa, bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo.


Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.


UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.


Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami.


Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe lishisiwe; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.


“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembi nakumfowenu, ngokuba abafowenu bonke bayaqinela, nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.


Abantu bayakucindezelana, kube yilowo nalowo, yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; abantwana bayakubhensela abadala, nabadelelekileyo abanodumo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite