Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Omuhle wabo unjengobobe, olungileyo mubi kunothango lwameva; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abahle kunabo bonke banjengokhakhasi, abaqotho babukhali kunothango lwameva; luyeza usuku lwemilindo yakho nokuhanjelwa kwakho; manje bayoba ukudideka.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:4
16 Referans Kwoze  

Ngokuba kulusuku lokukhathazeka, nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka, oluvela eNkosini uJehova Sebawoti esiGodini Sombono kanye nokudilizwa kwezingange nokumemeza ezintabeni.


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.


“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,


Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.


Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.


Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


Esikhundleni sogagane kuyakumila umsayipuresi,* nasesikhundleni samakhakhasi kuyakumila umbomvana. Kuyakuba yigama kuJehova, nesibonakaliso esingapheliyo esingayikunqunywa.”


nensali ayiyikuba khona kubo, ngokuba ngiyakubehlisela abantu base-Anathoti okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo.’ ”


Abaqashwa balo phakathi kwalo banjengamathole akhuluphalisiweyo; nabo babuyele emuva, babaleka kanyekanye, abemanga, ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.


“ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite