Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ukuze benze okubi ngezandla zombili, kucela isikhulu, nomahluleli acele umvuzo; futhi umuntu omkhulu, ukhuluma isifiso sakhe esesabekayo; ngakho bayayivala.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:3
26 Referans Kwoze  

elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo, namukela umvuzo, nenichezukisa abampofu esangweni.


Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye, namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.


Ukuphuza kwabo sekuphelile; bayafeba nokufeba; izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.


Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.


“ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.


Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo, ayigcine kuze kube nini na?’ Bheka, ukhuluma kanjalo; uyenza okubi, uyaphumelela.”


Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeni ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.


Abantu bayakucindezelana, kube yilowo nalowo, yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; abantwana bayakubhensela abadala, nabadelelekileyo abanodumo.


abathetha ababi ngenxa yemivuzo, basuse ukulunga kwabalungileyo!


Izikhali zomkhohlisi zimbi; uhlela amacebo amabi, ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’


Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.


“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.


Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha; nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba, befulathele ukulwa.


nina enizonda okuhle, nithanda okubi, enebula kubo isikhumba sabo, nenyama yabo emathanjeni abo,


Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo, noluma izindebe zakhe ufeza okubi.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Ngokuba nisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite