Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Abezizwe bayakubona, babe namahloni ngamandla abo onke, babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Izizwe ziyakubona zibe namahloni, ngawo wonke amandla azo, ziyakubeka isandla emlonyeni, izindlebe zazo zingezwa lutho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Izizwe ziyakubona lokhu, zibe namahloni ngawo wonke amandla azo; bayakubeka isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo ziyakuba yizithulu.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:16
17 Referans Kwoze  

Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


“Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.


nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe, phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini, njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu, elithi lapho lidabula, linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.


Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.’


“Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.


Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.


Ngibukeni, nimangale, nibeke izandla emilonyeni yenu.


“Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa, wacabanga okubi, beka isandla emlonyeni wakho.


Ababoni bayakuba namahloni, ababhuli bayangaze; bayakumboza amadevu abo bonke, ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”


ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite