Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Njengasemihleni yokuphuma kwakho eGibhithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Njengokwezinsuku zokuphuma kwenu ezweni laseGibithe, ngiyakumbonisa izimangaliso.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:15
9 Referans Kwoze  

Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe, eyakusala e-Asiriya, njengalokho kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.


INkosi yathi: “Ngiyakubabuyisa eBashani, ngibabuyise ekujuleni kolwandle


Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.


Akusuwe owomisa ulwandle, amanzi asotweni olujulileyo, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yokuba kuwele abahlengiweyo, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite