Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha izwe liyakuba yincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Umhlaba uyakuba yincithakalo ngenxa yezakhamuzi zalo nangenxa yezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa ilizwe lizakuba yinkangala ngenxa yabakhileyo kulo, ngenxa yesithelo sezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:13
22 Referans Kwoze  

Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso, nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya, ngikuchithe ngenxa yezono zakho.


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;


Ngiyakunihambela njengezithelo zezenzo zenu, usho uJehova, ngiphembe umlilo ehlathini labo, uqede konke okungakhona.’ ”


Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.


Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.


Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.


Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna.


uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa-Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa, laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.


Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo.


Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.


Ngalokho bayakukhashelwa, bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.


Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite