Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalolo suku bayakufika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe, kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni,* kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngalolo lusuku abantu bayakufika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini eGibhithe, kusukela eGibhithe kuze kube semfuleni, kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngalolo suku uyakuza kini evela e-Asiriya nasemizini ebiyelweyo, kusukela ezinqabeni kuze kufike emfuleni, kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kufike entabeni.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:12
15 Referans Kwoze  

Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni, nanjengejuba ezweni lase-Asiriya, ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.


Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe, eyakusala e-Asiriya, njengalokho kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.


Khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuthabatha abantwana bakwa-Israyeli ezizweni lapho baya khona, ngibabuthe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo,


“Ngalolo suku ngiyakuhlumisa uphondo endlini ka-Israyeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.”


Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho, ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga, abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye, babuyele lapha beyibandla elikhulu.


“Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.


Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga, nalaba ezweni laseSinimi.”


Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


“Kepha ungesabi wena Jakobe, nceku yami, ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite