Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “Kuyakufika usuku lokwakha ugange lwakho, ngalolo lusuku umngcele wakho uyakunwetshwa ube kude.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngosuku okufanele kwakhiwe ngalo izingange zakho, ngalolo suku isinqumo siyoba kude.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:11
12 Referans Kwoze  

kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.


“Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe ungaduduzwanga, bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle, ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.*


Sase sivusa-ke ugange; lonke ugange lwahlanganiswa kwaze kwagamanxa, ngokuba abantu babenenhliziyo yokusebenza.


UThobiya wakwa-Amoni wayengakuye, wathi: “Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo.”


Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


“Yenza ibe banzi indawo yetende lakho; mabazelule izindwangu zamakhaya akho, ungazibambezeli, welule izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho.


Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.


Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite