Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Isitha sami siyakukubona, sikhungathwe ngamahloni, leso ebesithi kimi: “Uphi uSimakade uNkulunkulu wakho na? Amehlo ami ayakusibona, manje siyakunyathelwa njengodaka emigwaqweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Khona isitha sami siyakubona, simbozwe amahloni esasithi kimi: ‘Uphi uJehova uNkulunkulu wakho? amehlo ami ayakumbheka; manje liyakunyathelwa phansi njengodaka lwezitaladi.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:10
42 Referans Kwoze  

Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.


Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.


Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini.


Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.


Manje izizwe eziningi zikubuthanele; zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu alibuke iSiyoni.”


“Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba; amahloni asibekela ubuso bethu, ngokuba abafokazi bangenile ezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.”


Bangasholoni abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.


Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”


Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo,” usho uJehova Sebawoti.


Amehlo enu ayakukubona, bese nithi: ‘UJehova uyakuba mkhulu, kudlule nasemkhawulweni ka-Israyeli.’


Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe, amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”


“Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu,” usho uJehova.


Abezizwe bayakusho ngani ukuthi: “Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.


Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.


“Ukhona engimvusile esenyakatho, wafika, nasempumalanga, ukuba abize igama lami; uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka, njengombumbi exova ibumba.


Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe, ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo, ungaqhalazi ngosuku losizi.


Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”


Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari* eLebanoni.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


“Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.


UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho, uxoshile izitha zakho. INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite