Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova uyakuthokozela izinkulungwane zezinqama noma amashumi ezinkulungwane zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo somzimba wami ngenxa yesono somphefumulo wami na?

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:7
29 Referans Kwoze  

Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo.


USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


Ngokuba ngifuna uthando, hhayi umhlatshelo; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.


Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho nampongo ezibayeni zakho.


Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.


Yayisithatha izibulo layo ebeliyakubusa esikhundleni sayo, yanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange. Abakwa-Israyeli behlelwa yintukuthelo enkulu, basuka kuyo, babuyela ezweni lakubo.


ILebanoni alanele ukubaswa, nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.


“ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.


engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,


Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu, angiyenameli, futhi angibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.


Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona, abe ngukudla kwazo.


bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,


lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga, nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.


Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.


kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa-Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo ukuyofuna uJehova; kepha abayikumfumana; umonyukile kubo.


Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.


Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite