Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu.

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:4
29 Referans Kwoze  

kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe.


Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


“Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.


wabakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu,


Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?


OMiriyamu no-Aroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokube wayethathile owesifazane wakwaKushe.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


kepha ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga khona; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.


Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.


Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


“ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


Uyakukukhulumela kubantu, abe ngumlomo kuwe, wena ube njengoNkulunkulu kuye.


Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla.


Ngakho hamba, ngiyakukuthuma kuFaro ukuba ukhiphe eGibithe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli.”


UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.”


Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni.


USamuweli wathi kubantu: “NguJehova, yena owabeka oMose no-Aroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe.


Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibithe; yibo oMose no-Aroni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite