Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Zwanini zintaba udaba lukaSimakade, nazi zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uSimakade unodaba ngabantu bakhe, uzakuqagulisana no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zwanini nina zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinile, ngokuba uJehova ubambene nabantu bakhe; uyakulwa no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:2
19 Referans Kwoze  

UJehova unokuphikisana noJuda futhi; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe.


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


“Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.


Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.


Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Usho kanje uJehova, uthi: “Uma izulu lilinganiswa phezulu, nezisekelo zomhlaba zivivinywa ngaphansi, khona mina ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwa-Israyeli ngakho konke abakwenzileyo,” usho uJehova.


Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba, ngokuba uJehova uyamelana nezizwe; uyahlulela inyama yonke, kepha ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” usho uJehova.


“Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova, “ngiphikisane nabantwana babantwana benu.


Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe.


“Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda, ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.


lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,


“Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


UJehova usesukumile ukuyokulwa, umi ukuthetha amacala ezizwe.


Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi: “Suka ulwe phambi kwezintaba, uzwise amagquma izwi lakho.


Esiswini wabamba umfowabo ngesithende, nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite