Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Uyakutshala, ungavuni kodwa; uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Uyakutshala, kodwa ungavuni; uyakugxoba iminqumo, kepha ungazigcobi wena ngamafutha, ukhame izithelo zomvini, kodwa wena ungaliphuzi iwayini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uzahlanyela, kodwa kawuyikuvuna; kumelwe unyathele iminqumo, kodwa akumelwe uzigcobe ngamafutha; newayini elimnandi, kepha ungaliphuzi iwayini.

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:15
14 Referans Kwoze  

Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo incithakalo; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo, batshale izivini, bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.


Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’


mangihlwanyele, kudle omunye, yebo, zisishulwe izithelo zami.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.


bamisa mayelana nabo, bachitha izithelo zomhlaba kwaze kwaba seGaza, abashiyanga kudla kwa-Israyeli, nazimvu, nazinkomo, nazimbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite