Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo, asophule kumAsiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho enyathela emikhawulweni yethu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Bayakubusa i-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ngezintuba zalo, Uyakusihlenga e-Asiriya, lapho litheleka ezweni lethu, nalapho linyathela emingceleni yethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Futhi bayobhubhisa izwe lase-Asiriya ngenkemba kanye nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo; kanjalo uyakusikhulula e-Asiriya, lapho engena ezweni lakithi, nalapho engena ezweni lethu.

Gade chapit la Kopi




UMikha 5:6
26 Referans Kwoze  

ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami, ngimnyathele phansi ezintabeni zami; bese lisuka kubo ijoka lakhe, nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”


ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singenakwesaba


insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo,


Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho, achithe i-Asiriya, alenze iNineve libe yincithakalo, lome njengehlane.


Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamabhongo ezingonyama, lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama, kungekho okwesabisayo na?


Wo kuwena ochithayo, kungachithwanga wena, nakuwe okhohlisayo, kungakhohliswanga wena! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa, nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.


Abantu bayakubathatha, babayise ezindaweni zabo; indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova, babe yizinceku nezincekukazi, babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo, babuse phezu kwabacindezeli babo.


Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamuyisa eBabele.


Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.


Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.


Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,


UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.


Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma; amazwi ami aconsela phezu kwabo.


Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba.


Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo, yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki* okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Kepha ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abahluphekayo nabampofu; bayakwethemba igama likaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite