Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe; sebeyakuhlala, ngokuba uzakuba mkhulu kuze kube semajukujukwini omhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Uyakuma, eluse ngamandla kaSimakade nangobukhulu begama likaSimakade uNkulunkulu wakhe. Bayakuhlala bevikelekile, ngokuba uyakuba mkhulu kuze kube semaphethelweni omhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uyakuma, aklabe ngamandla kaJehova, ngobukhosi begama likaJehova uNkulunkulu wakhe; futhi bayohlala, ngoba manje uyakuba mkhulu kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UMikha 5:4
37 Referans Kwoze  

Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide;


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


UJuda inceku kaJesu Kristu, umfowabo kaJakobe, kubo ababiziweyo abathandwa kuNkulunkulu uYise nabagcinelwe uJesu Kristu:


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.”


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


“ ‘Nawe Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbusi oyakwalusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.


Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.


Manje uthi uJehova owangibumba kwasekuzalweni ukuba ngibe yinceku yakhe yokubuyisela kuye uJakobe, kubuthelwe kuye no-Israyeli futhi ngidunyisiwe emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wami waba ngamandla ami


ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.


Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.


Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


Amehlo enu ayakukubona, bese nithi: ‘UJehova uyakuba mkhulu, kudlule nasemkhawulweni ka-Israyeli.’


ngalokho bheka, iNkosi iyabakhuphulela amanzi omfula anamandla namaningi – yinkosi yase-Asiriya nabo bonke ubukhosi bayo – ukhuphuke phezu kwazo zonke izingu zawo, weqe nazo zonke izindonga zawo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite