Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Nakuba bonke abantu behamba kube yilowo nalowo egameni likankulunkulu wakhe, kodwa thina siyakuhamba egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu, kuze kube phakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba zonke izizwe ziyakuhamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.

Gade chapit la Kopi




UMikha 4:5
19 Referans Kwoze  

Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.


Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.


Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye,


Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova, sikuhlalele. Umphefumulo uyalangazelela igama lakho nesikhumbuzo sakho.


Kuze kube namuhla benza njengemithetho yakuqala: abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso, nezimemezelo zabo, nomthetho wabo, nemiyalo yabo uJehova ayala ngayo abantwana bakwaJakobe amutha u-Israyeli,


Kodwa zonke izizwe zazenzela onkulunkulu bazo, zababeka ezindlini zezindawo eziphakemeyo ezazenziwe ngamaSamariya, kwaba yileso naleso sizwe emizini esasihlezi kuyo.


U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova; ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.


othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo.


Jehova Nkulunkulu wethu, amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile, kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.


Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe: esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite