Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; futhi akukho muntu oyobathusa, ngoba umlomo kaJehova Sebawoti ukukhulumile.

Gade chapit la Kopi




UMikha 4:4
25 Referans Kwoze  

“ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Bayakuthwala ihlazo labo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi, lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,


kepha uma nala, nihlubuka, niyakudliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Uyakumiswa ngokulunga; uyakuba kude nokucindezelwa, ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.


Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.


khona uyakuzijabulisa kuJehova, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.


Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”


Uyakuthi: “Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala bengenalugange, kungekho kubo imigoqo nezicabha,


“ ‘Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.


Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela, bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.


“ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.


Uyakulala, ungethuswa muntu; abaningi bayakuzincengela kuwe.


Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga.


eshiyiwe kuze kube phakade, neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona, ingesatshiswa muntu.


“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.


“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje, ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ usho uJehova, ‘ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.


Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba, ethi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.’


Ungethuswa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika,


Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe ngukulondeka kuze kube phakade.


Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.


Ngalokho bayakukhashelwa, bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.


Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi, ingakhulumi amanga, kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite