Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Izizwe eziningi ziyakufika, zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuphuma eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.

Gade chapit la Kopi




UMikha 4:2
35 Referans Kwoze  

Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Ngokuba kuyakuba khona usuku abayakumemeza ngalo abalindi entabeni yakwa-Efrayimi ukuthi: ‘Sukani, sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.’ ”


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.


Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.


Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.


Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo.


Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.


“Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.


Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.


Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.”


yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyakwamukeleka e-altare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”


ukuba uJehova uNkulunkulu wakho asibonise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokhu esiyakukwenza.”


Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite