Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ababoni bayakuba namahloni, ababhuli bayangaze; bayakumboza amadevu abo bonke, ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ababonayo bayakuba namahloni, ababhuli bahlazeke; bonke bayakubamba amadevu abo, ngokuba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khona ababoni bayakuba namahloni, nabahlola imihlola babe namahloni; yebo, bonke bayovala izindebe zabo; ngoba kayikho impendulo evela kuNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UMikha 3:7
19 Referans Kwoze  

“Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni, kube yilowo nalowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe, bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa;


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


“Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova, “lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.


Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”


USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.


“Onochoko esikuye isifo, maziklejulwe izingubo zakhe, zithukululwe izinwele zakhe, amboze amadevu akhe, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’


Abezizwe bayakubona, babe namahloni ngamandla abo onke, babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu.


Niyakwenza njengami: aniyikumboza amadevu enu, ningadli isinkwa sabantu.


Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.


USamuweli wathi kuSawule: “Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.”


USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: “Ngehle ngilandele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sakwa-Israyeli na?” Kepha akamphendulanga ngalolo suku.


Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.


Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba, ngokuba amathumba ayekhona kuzo izanusi nakubo bonke abaseGibithe.


Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite