Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 enidla inyama yabantu bami, nihlinza kubo isikhumba sabo, naphula amathambo abo, yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Nidle inyama yabantu bami, nabaxebula isikhumba sabo, amathambo abo nawaphoqophoqoza, nabaqobaqobela ebhodweni nakugalaza njengenyama.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 abadla inyama yabantu bami, bakhumula isikhumba sabo kubo; bawaphula amathambo abo, bawahlahlela, njengekhanzi nanjengenyama ekhanzini.

Gade chapit la Kopi




UMikha 3:3
11 Referans Kwoze  

Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?


athi: ‘Akuseduze yini ukuba kwakhiwe izindlu? Lo muzi uyikhanzi, thina siyinyama.’


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.


UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.


uqoqele kulo izinqamu zalo, zonke izinqamu ezinhle, ithanga nehlombe, uligcwalise ngamathambo akhethekileyo.


Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha; nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba, befulathele ukulwa.


Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.


Nichobozeleni abantu bami, nigaye ubuso babampofu, na?” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite