Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.

Gade chapit la Kopi




UMikha 3:12
18 Referans Kwoze  

“UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.


Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”


“Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendle nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo.


nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.


Ngokuba usho kanje uJehova ngendlu yenkosi yakwaJuda, uthi: “UyiGileyadi kimi, nekhanda laseLebanoni; impela ngiyakukwenza ube yihlane nemizi engahlalwa muntu.


“Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.’ ”


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo


Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.


ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe, nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe; igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade, nenjabulo yezimbongolo zasendle, nedlelo lemihlambi,


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite