Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “Impela ngiyakumqoqa wonkana uJakobe; ngiyihlanganise ndawonye ngempela insali yakwa-Israyeli, ngiyiqoqele ndawonye njengezimvu esibayeni, nanjengomhlambi phakathi edlelweni lawo, kube nokuxokozela kwabantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngiyakunibutha, Jakobe, nonke; ngiyakubutha nokubutha insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabutha njengezimvu zaseBhozira, njengomhlambi phakathi kwesibaya sawo;

Gade chapit la Kopi




UMikha 2:12
28 Referans Kwoze  

“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani, uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”


Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.


Khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuthabatha abantwana bakwa-Israyeli ezizweni lapho baya khona, ngibabuthe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo,


Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.’ ”


ngiyakusindisa izimvu zami, azisayikuba yimpango, ngahlulele phakathi kwezimvu nezimvu.


“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge.


“Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.


UJehova unenkemba; igcwele igazi, inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uJehova uyanikela eBosira, unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.


Kuyakuthi ngalolo suku uJehova avuthuze ezikhwetshini zasemfuleni kuze kube semfuleni waseGibithe, nibuthwe abanye ngabanye nina bantwana bakwa-Israyeli.


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.


Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo, nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.


Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.”


Wena mbhoshongo womhlambi, negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe, yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika, umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe, phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini, njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu, elithi lapho lidabula, linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.


Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ngiyakuzikhipha kubantu, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe.


Ngaleso sikhathi ngiyakuningenisa, ngaleso sikhathi ngiyakunibutha, ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwenu phambi kwamehlo enu,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite