Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe, ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngenxa yalokhu ngiyakukhala, ngikhihle isililo, ngihambe ngingafake zimbadada, ngihamba ze, ngiklewule njengempungushe, ngilile kube sengathi ngamazinyane entshe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngalokho ngiyakukhala, ngikhale, nginqunulwe, ngihambe-ze; Ngizokhala njengezimpungushe, ngilile njengezikhova.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:8
19 Referans Kwoze  

Ngalokho ngathi: “Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”


Ngokuba izwi lokukhala lizwakala livela eSiyoni, lithi: ‘Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.


Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibima njengokukhala kweJazeri, ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami, nawe Elehale, ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho kuwile ukumemeza kwempi.


Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona, nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova; kuyakuhlala lapho izintshe, namademoni ayakungqabashiya khona.


Ngiyafana nevuba ehlane, nginjengesikhova kwahlongasibi.


Ngingumfowabo wamakhanka, nomngane wezintshe.


Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku. Ngalokho kwathiwa: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”


Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo, namakhanka ezindlini zamakhosi; siseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyikwandiswa.


Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo; khumulani nizenze nqunu, nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.


“Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba, sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo, kanye nabehlela egodini.


Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”


Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.


UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite