Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo, nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo, ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Zonke izithombe zalo ziyakuphihlizwa, konke elikukhokhelweyo kushiswe ngomlilo. Izithombe zalo ezibaziweyo ngiyakuzenza zonke zibe yincithakalo, ngokuba likuthole ngenkokhelo yobufebe, futhi kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Zonke izithombe zakhe ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nayo yonke inkokhelo yakhe iyakushiswa ngomlilo, nazo zonke izithombe zakhe ezibaziweyo ngizenze incithakalo; ngoba ikubuthile emvuzweni yesifebe, njalo bazabuyela enkokhelweni yesifebe.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:7
22 Referans Kwoze  

Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakhe ashilo ngakho, wathi: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’ ngiyakukwenza kube yihlathi, izilwane zasendle zikudle.


ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.”


Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.


“Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,


Zenza inkatho ngabantu bami, zanika umfana ngesifebe, zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini, zaliphuza.


Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi* lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’


Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.


Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.


Sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini; kwasala isidumbu sakhe kuphela.


ziphele izithombe, zithi nya.


Kuyakuthi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa uJehova ahambele iTire, lona libuyele enzuzweni yalo, lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba.


Kuzo zonke izindawo zokuhlala kwenu imizi iyakuchithwa, izindawo eziphakemeyo zibe yincithakalo ukuba kuchithwe ama-altare enu, achitheke, kwaphulwe izithombe zenu ziphele, ama-altare enu empepho abhidlizwe, imisebenzi yenu ihlangulwe.


“Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.


Ithole lakho, Samariya, linengekile; intukuthelo yami iyabavuthela; koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite