Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendle nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngiyakwenza iSamariya libe yindunduma yemvithi yasendle, libe yindawo yokutshala imivini. Ngithululele amatshe alo esigodini, ngivumbulule izisekelo zalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngalokho ngiyakwenza iSamariya libe yinqwaba yensimu nanjengezitshalo zesivini; ngiyakuphonsa amatshe alo esigodini, ngembule izisekelo zalo.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:6
19 Referans Kwoze  

Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngiludilizele phansi, lunamathele emhlabathini, kwambulwe isisekelo salo; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova.


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Yeka ukufiphala kwegolide nokuguquka kwegolide elihle! Amatshe endlu engcwele ahlakazekile ezingosini zazo zonke izitaladi.


“ ‘Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo, ibe yizinqwaba.


Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”


Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho, yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza uphahla endlini yababi, wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela*


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.”


IBabele liyakuba yizinqwaba, nendawo yokuhlala kwamakhanka, nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.


“Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova, “wena ochitha wonke umhlaba; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakho uyakuzibhidliza, azithobise, azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.


Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba, nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi, ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.


Noma engena emzini, wonke u-Israyeli uyakuyisa amagoda kulowo muzi, siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshana elilodwa.”


Isiprofetho ngeDamaseku. “IDamaseku liyakususwa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo


Uyakubuye utshale izivini ezintabeni zaseSamariya; abatshali bayakuzitshala, badle izithelo zazo.


Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uHezekiya owawungumnyaka wesikhombisa kaHosheya indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka walivimbezela iSamariya.


Ngasekupheleni kweminyaka emithathu balithatha; ngomnyaka wesithupha kaHezekiya owawungumnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya inkosi yakwa-Israyeli iSamariya lathathwa.


INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite