Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa-Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe? Asiyilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe, nangenxa yezono zendlu ka-Israyeli. Ngubani owaphambukisa uJakobe? Akusilo yini iSamariya na? Ngubani izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Akusilo yini iJerusalema na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe kanye nezono zendlu ka-Israyeli. Siyini isono sikaJakobe na? akusilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? alilona iJerusalema na?

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:5
30 Referans Kwoze  

Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”


Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!


Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


“Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.”


Awuzenzeli lokhu wena ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho, lapho ekuhola endleleni, na?


Ngokuba izwi alimemezayo ngokusho kukaJehova kulo i-altare laseBethele nakuzo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya liyakwenzeka nokwenzeka.”


Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!


“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.


Ububi benu buchezukisile lokhu, nezono zenu zinenqabele okuhle.


Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Bawadiliza phambi kwakhe ama-altare awoBali; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma; waphula o-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvumvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho.


Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya, inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.’ ”


“Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa, nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”


Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane, nina enakhileyo eLakishi; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.


USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.


Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta* amabili esiliva, wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.


“Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula: baprofetha ngoBali, bedukisa abantu bami u-Israyeli.


Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga, baqinisa izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”


Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite