Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, izigodi ziqhekezeke njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi ethelwa emehlelweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:4
12 Referans Kwoze  

Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.


Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


Uyema, uzamazamisa umhlaba; ubuka, uthuthumelisa izizwe; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.


INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;


“Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.


Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.


Izizwe ziyaxokozela; imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite