Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane, nina enakhileyo eLakishi; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Nina enihlala eLakhishi, bophelani ihhashi enqoleni, kube kunguqala kwesono sendodakazi yaseZiyoni, ngokuba iziphambeko zika-Israyeli zitholakale kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bophelani inqola esilwaneni esinejubane, enakhileyo eLagi; lokhu kungukuqala kwesono sendodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zika-Israyeli zifunyanwa kuwe.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:13
27 Referans Kwoze  

Inkosi yase-Asiriya yathuma oTharithani, noRabi Sarisi, noRabi Shake ukuba basuke eLakishi, baye enkosini uHezekiya eJerusalema, benempi enkulu. Benyuka bafika eJerusalema. Sebenyukile bafika, bema ngasemseleni wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi.


Emva kwalokho uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wathuma izinceku zakhe eJerusalema wayephambi kweLakishi nabo bonke ababusi benaye kuHezekiya inkosi yakwaJuda nakuye wonke uJuda waseJerusalema, wathi:


Ngalokho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni, nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakishi, nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, wathi:


“Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe;


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa-Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe? Asiyilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?


“Udadewabo u-Oholiba wakubona, kepha wonakala ekukhanukeni kwakhe kunaye, nasebufebeni bakhe obadlula ubufebe bukadadewabo.


Umuzi wonke uyabaleka ngenxa yomsindo wabamahhashi nowabemicibisholo; bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke ishiyiwe, akakho ohlala kuyo.


Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,


Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.


IMadimena selibalekile, abakhileyo eGebimi bathutha impahla.


ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka,


Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.


Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


Uyakulahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu one ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli.”


neLakishi, neBosikati, ne-Egiloni,


UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”


Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”


Nebhali,* nefoliji* lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.


Bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.


Inkosi yase-Asiriya yathuma uRabi Shake, asuke eLakishi, aye eJerusalema enkosini uHezekiya, enempi enkulu, wema ngasemseleni wechibi lasenhla, elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.


Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni, ibhuqe izigodi emva kwakho, na?


lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite