Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade lafika kuMikha waseMoreshethi ezinsukwini zokubusa kukaJothamu, u-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda liqondene neSamariya neJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoreti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, alibona ngeSamariya neJerusalema.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:1
27 Referans Kwoze  

“UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa-Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe? Asiyilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?


Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya, inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.’ ”


Isiprofetho owasibonayo uHabakuki umprofethi.


ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.


Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.


Ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaPheka indodana kaRemaliya u-Ahazi indodana kaJothamu, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.


Kwathi ngomnyaka wesithathu kaHosheya indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uHezekiya indodana ka-Ahazi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.


U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,


UHezekiya waqala ukubusa eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abiya indodakazi kaZakariya.


Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite