Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo,” usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Niyakunyathela ababi; ngokuba bayakuba njengaphansi kwamathe ezinyawo zenu mhla ngenza lokhu,” usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 4:3
22 Referans Kwoze  

Bheka bonke abaziphakamisayo, ubehlise phansi, unyathele ababi ezindaweni zabo.


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.


“Bayakuba ngabami,” usho uJehova Sebawoti, “babe yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.


Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.


Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe, phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini, njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu, elithi lapho lidabula, linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.


Unyawo luyakuwunyathela phansi, izinyawo zabaswelayo, izinyathelo zabampofu.


Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, liqeda amastadiyu* ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’


Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungile ungcolisile izindlu zakho ezingcwele; ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda; ngakwenza umlotha emhlabeni emehlweni abo bonke abakubonayo.


Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.


Uyakunyathela ingonyama nebululu, unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.*


Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.


Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.


“INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami; ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami; iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini intombi eyindodakazi yakwaJuda.


UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite