Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. “Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “Umuntu angamqola yini uNkulunkulu na? Nokho niyangiqola. “Bese nibuza nithi: ‘Sikuqole kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho wangiphanga. Kodwa nithi: “Sikuphange ngani na? Kweshumi neminikelo.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 3:8
18 Referans Kwoze  

Bathi: “NgokaKesari.” Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”


UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye.


Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe, nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele.


Wena othi akungaphingwa, uyaphinga na? Wena owenyanya isithombe, uphanga ithempeli na?


Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”


Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.


U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo, futhi bebile, baqambile amanga, bakubeka kweyabo impahla.


Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.


Yayisithi kimi: “Nasi isiqalekiso esiphumela ebusweni bomhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso.


Ngomnyaka wesihlanu niyakudla kuzo izithelo zayo, ukuze inithelele kakhulu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.


Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite