Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 3:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Manje sithi babusisiwe abazidlayo; yebo, labo abenza ububi bayamiswa; yebo, labo abacela kuNkulunkulu bayakhululwa.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 3:15
37 Referans Kwoze  

“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Nokho nithi: “Simkhathaze kanjani?” Ngokusho ukuthi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova; yena uthokoza ngabo,” noma: “Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?”


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;


Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu.


Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”


Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.”


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”


bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami, nithi: “Sophuliwe” – nize nenze zonke lezi zinengiso, na?


Ishinga lifisa impango yababi, kepha impande yabalungileyo iyathela.


Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya, babona umsebenzi wami.


Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe.


Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla abakufisayo.


Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo.


Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bekudumisa, ngokuba uzondle kahle,


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.


Uma ubuyela kuSomandla, uyakwakhiwa, uma udedisa okubi kude etendeni lakho,


bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?


Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.


Kepha uHamani wazibamba, waya ekhaya; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe.


Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.


Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.


Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.


Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi, nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: “Nalokho kuyize.”


Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje, ngokuba babalwa njengantoni na?


Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.


Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite