Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami, kepha nikhethe ubuso emthethweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngalokho nami nginenza nidelelwe, ningabi-yilutho phambi kwabantu bonke, ngokuba anigcinanga izindlela zami, kepha nithanda umthetho.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:9
30 Referans Kwoze  

“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’


Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.


“Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.


Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”


Kepha nichezukile endleleni, nikhubekisile abaningi emthethweni; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.


Ngiyakuklebhula nemigubuzelo yenu, ngibophule abantu bami esandleni senu, bangabe besababikho esandleni senu ukuba bazingelwe, nazi ukuthi nginguJehova.


Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


“Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.


Ingozi iyakwelanywa yingozi, umbiko ulandele umbiko; bayakufuna umbono womprofethi, kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.


elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


Ngiyakuphonsa okunengakayo phezu kwakho, ngikuhlazise, ngikubeke ube yinto ebukwayo.


Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.


Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe, kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite