Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:7
37 Referans Kwoze  

nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”


abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;


Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.”


ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.


UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


Wayesekhuluma uHagayi, isithunywa sikaJehova, ngesimemezelo sikaJehova kubantu, wathi: “Nginani,” usho uJehova.


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Uma ubuya, ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala, uyakuba ngumlomo wami; laba bayakubuyela kuwe, kepha wena awuyikubuyela kubo.


ogcwalisa izwi lenceku yakhe, afeze ukululekana kwezithunywa zakhe, oshoyo ngalo iJerusalema, athi: ‘Liyakuba nabantu,’ nangemizi yakwaJuda ukuthi: ‘Iyakwakhiwa, ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;’


“Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.


nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.


Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami, nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na? Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo, oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?


Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi* phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.”


Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaJehova, ngokuba abantu bawudelela umnikelo kaJehova.


Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.


“Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise.


ukuba ugcine amasu, nezindebe zakho zilonde ukwazi.


Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.


Ingozi iyakwelanywa yingozi, umbiko ulandele umbiko; bayakufuna umbono womprofethi, kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.


“Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi; abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele, bawudlovulile umthetho.


U-Uriya, umpristi, wayesakha i-altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u-Uriya umpristi, yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku.


U-Uriya umpristi wenza njengakho konke inkosi u-Ahazi eyale ngakho.


Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.


Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.


nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: “Ngikhale ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite