Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uma ningalaleli, futhi uma ningakubekeli enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti, ngiyakuthuma phezu kwenu isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengikwenzile. Waziqalekisa, ngokuba awukubeki enhliziyweni.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:2
31 Referans Kwoze  

isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”


Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”


Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo, libe lugibe kwabahlezi bezithulele.


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke.


Kepha indlu yakwa-Israyeli kayiyikukuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala.


Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.


“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


“Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?


Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.


Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, namandla empi; kwamvuthela nxazonke, kepha akakwazanga; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”


Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi, kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.


“Manje lo myalo ungowenu bapristi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite