Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Nokho nithi: “Simkhathaze kanjani?” Ngokusho ukuthi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova; yena uthokoza ngabo,” noma: “Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Nimkhathazile uSimakade ngamazwi enu. Bese nithi: “Simkhathaze ngani na?” Ngokukhuluma kwenu nithi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaSimakade; Yena uyathokoza ngabo,” noma nithi: “Uphi uNkulunkulu wobulungiswa na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Kodwa nithi: Simdinise ngani? Uma nithi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova, uyajabula ngabo; noma: Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:17
34 Referans Kwoze  

Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali, awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho, kepha ungisebenzisile ngezono zakho, ungidinisile ngobubi bakho.


Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani, ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo, abathi ezinhliziyweni zabo: UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi.


Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,


“Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenu njengengqukumbane icindezela, igcwele izithungu.


“ ‘Ngokuba awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kepha ungikhathazile kukho konke lokhu, ngiyakwehlisela indlela yakho phezu kwekhanda lakho, isho iNkosi uJehova, ungenzi ukukhanuka phezu kwazo zonke ezinye izinengiso.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”


Wena ungishiyile,” usho uJehova, “wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela.


Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.


Wayesethi: “Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?


Ezokwethwasa zenu kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyo kuyazondwa ngumphefumulo wami; kungumthwalo phezu kwami, ngikhathele ngukukuthwala.


Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.


Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na? Uyakumlahla olungileyo nonamandla


Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


“Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. “Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.


Bese nithi-ke: ‘Ngani na?’ Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena, noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’


Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni, ngokuba uphendula njengabantu ababi.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


Umhlaba unikezwe esandleni sababi; uyasibekela ubuso babahluleli bawo; uma kungesiye, pho, ngubani na?


Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na?”


“Kepha awungibizanga, Jakobe, ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.


Bheka, bathi kimi: “Liphi izwi likaJehova na? Malize phela.”


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


“Kodwa nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Yizwani nina ndlu yakwa-Israyeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite