Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, “nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho,” usho uJehova Sebawoti. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 “USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Phela ngiyasizonda isehlukaniso, nozimbathisa ngobudlova bube yingubo yakhe,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. Ngalokho-ke qaphelani emoyeni wenu ukuba ningakhohlisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyakuzonda ukusoka; ngokuba ngengubo yakhe umuntu usibekela ubudlova,” usho uJehova Sebawoti; qaphelani umoya wenu, ukuze ningenzi ngokungathembeki.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:16
13 Referans Kwoze  

“Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga.


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Ubulembu babo abuyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


Ngokuba umbhede uyakuba mfushane kunokuba umuntu enabe kuwo, nengubo ibe ncane kunokuba umuntu azisonge ngayo.


Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda;


Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.


Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami, ugone isifuba somfokazi, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite