Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Asinaye ubaba munye thina sonke? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo, sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Kanti asinaBaba munye yini thina sonke na? Akamunye yini uNkulunkulu owasidalayo na? Pho sikhohlisanelani omunye nomunye, sihlambalaze isivumelwano sokhokho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Asinababa munye sonke na? akasidalanga unkulunkulu oyedwa na? Kungani ukuba sibe yilowo nalowo kumfowabo, singcolise isivumelwano sawobaba na?

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:10
50 Referans Kwoze  

Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.


“UJuda ukhohlisile, isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo, waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.


nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.


munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.


Ngokuba wena unguBaba; ngokuba u-Abrahama akasazi, no-Israyeli akasivumi. Wena Jehova unguBaba; igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.


Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.


Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’


Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bathi kuye: “Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.”


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


“Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.


Kepha nichezukile endleleni, nikhubekisile abaningi emthethweni; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.


“Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.” Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”


“Ndodana yomuntu, abakhe ezincithakalweni ezweni lakwa-Israyeli basho bathi: ‘U-Abrahama wayemunye, wadla ifa lezwe; kepha thina sibaningi, siphiwe lona libe yifa lethu.’


Bhekani ku-Abrahama uyihlo, nakuSara owanizalayo, ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa.


Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo.


NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”


onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”


Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.


Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.


Bakhumbule, Nkulunkulu wami, ngokuba bangcolisile ubupristi nesivumelwano sabapristi nesamaLevi.


Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka.


Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,


Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?


ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


Akuyilokhu kuphela, kodwa kwaba njalo nakuRebeka ekhulelisiwe ngoyedwa, u-Isaka, ukhokho wethu;


Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abrahama, ukhokho wethu, ngokwenyama na?


futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;


Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,


U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.”


Wena umkhulu yini kunobaba u-Abrahama osewafa na? Nabaprofethi sebafa. Uzenza bani na?”


Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama.


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama,


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;


wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,


‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.


UMose weza wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezahlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumileyo siyakuwenza.”


Wathatha incwadi yesivumelwano, wayifunda ezindlebeni zabantu; bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”


Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite