Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo e-altare lami.” Bese nithi: “Sikungcolise ngani na?” “Ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula likaJehova lidelelekile.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngokuletha e-althare lami ukudla okungcolileyo. Qede nithi: “Sikungcolise ngani na?” Ngokusho kwenu nithi: “Itafula likaSimakade lidelelekile.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Niletha isinkwa esingcolile e-altare lami; futhi nithi: “Sikungcolise ngani na? Ngokuba nithi: Itafula leNkosi lidelelekile.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 1:7
14 Referans Kwoze  

“Kepha niyalihlambalaza ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula leNkosi lingcolile lona, nesithelo salo, ukudla kwalo, sidelelekile.’


Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.


Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.


I-altare lalingumuthi, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu, nobude balo buyizingalo ezimbili; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi: “Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.”


Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma yisiphi isici, awuyikunikela ngalo kuJehova uNkulunkulu wakho.


Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.


“ ‘Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube ngumnikelo womlilo kuJehova.


Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo kuJehova.


Ngalokho uyakumngcwelisa, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.


bayakungena endlini yami engcwele, basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.


Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite