Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.” Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo. Uma nginguyihlo, pho kuphi ukuhlonishwa kwami? Uma ngiyinkosi, pho kuphi ukwesatshwa kwami?” kinina baphristi enidelela igama lami, kubuza uSimakade Wamabandla. Kodwa nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo; uma ngingubaba, kuphi ukudunyiswa kwami? uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami na? usho uJehova Sebawoti kini, nina bapristi, enidelela igama lami. Futhi nithi: Silidelele ngani igama lakho?

Gade chapit la Kopi




UMalaki 1:6
52 Referans Kwoze  

“Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na?


Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, ngithole imfuyo; kukho konke ukuzuza kwami abayikufumana bubi obuyisono.”


Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.


Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso:


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.


“Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.


Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


“Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina.


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


“ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.”


yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo.


“Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu; nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.


akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.


Kepha nichezukile endleleni, nikhubekisile abaningi emthethweni; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.


Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”


Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.


Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’


Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”


Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa.’


“Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo, kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.


Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.


Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka.


Awusand' ukukhala kimi ukuthi: ‘Baba, wena ungumngane wobusha bami, na?


Njengokuba amadodana kaJonadaba indodana kaRekabi egcinile umyalo kayise awayala ngawo, kepha laba bantu bengangilalelanga.’


Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi; abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele, bawudlovulile umthetho.


“Manje lo myalo ungowenu bapristi.


“Asinaye ubaba munye thina sonke? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo, sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?


UJehova nimvuza kanjalo nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na? Akasiye uyihlo owakudala na? Wakwenza, wakubumba.


Wo kuye osho kuyise ukuthi: ‘Uzalani na?’ nakowesifazane ukuthi: ‘Unemihelo ngani na?’


Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite