Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho u-Edomi ethi: “Simpofu, kepha siyakubuya, sakhe izindawo eziyincithakalo; usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bayakwakha, kepha mina ngiyakudiliza; bayakubabiza ngokuthi: Umkhawulo wobubi, Abantu uJehova abathukuthelele kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 1:4
37 Referans Kwoze  

Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.’ ”


Ngiyakukwenza incithakalo ephakade, imizi yakho ingabe isahlalwa, nazi ukuthi nginguJehova.


Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova; “abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.


Aliyikucinywa ubusuku nemini; umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade; izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize, akuyikulidabula muntu nanini nanini.


Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.


Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga, baphange kanyekanye abantu basempumalanga, belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi, abakwa-Amoni babalalele.


kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”


Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti; bahle kunale mibuso yini, umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?


Niyakuwa ngenkemba, nginahlulele emkhawulweni wakwa-Israyeli; nazi ukuthi nginguJehova.


Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na?


Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,


Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


“Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.


Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.


Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.


Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngo-Edomi namacebo awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube seDedani.


Ngiyakukwenza idwala eliyinyabule, ube yindawo yokweneka amanetha; awusayikwakhiwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.


Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane, wena ube yincithakalo, wazi ukuthi nginguJehova.


Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo, kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza: uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.


Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.”


Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe, amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.


UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.


Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wagcina ulaka lwakhe, wayilondoloza intukuthelo yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite