Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Baletha-ke lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana, nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bakuletha lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana; inhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 9:5
7 Referans Kwoze  

Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.


UDavide wabuthela wonke u-Israyeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona.


Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,


UMose wayesebakhipha abantu ekamu* ukuba bahlangane noNkulunkulu; bema phansi kwentaba.


nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”


Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze, kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite