Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo, ibe ngumnikelo wesono, nethole newundlu, omabili abe nomnyaka munye, angenasici, abe ngumnikelo wokushiswa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo nenze ngayo umnikelo wesono, nethole, newundlu okunonyaka, okungenasici, kube ngumnikelo wokushiswa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Futhi kumelwe ukhulume nabantwana bakwa-Israyeli uthi: ‘Zithatheleni izinyane lembuzi libe ngumnikelo wesono; nethole newundlu, kokubili okuneminyaka emibili, okungenasici, kube ngumnikelo wokushiswa;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 9:3
22 Referans Kwoze  

Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili, nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


uma-ke yaziswa isono sayo eyone ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ube yimbuzi, eyeduna elingenasici.


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.


Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.


Ngalolo suku enizulisa ngalo isithungu, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova.


Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,


Wothabatha enhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.


“Ngosuku lwesishiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu, kuxovwe namafutha nelogi* lamafutha.


“ ‘Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi,


Iwundlu malingabi nasici, libe ngeleduna, libe nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini;


Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini.


wathi ku-Aroni: “Mawuzithathele ithole lenkunzi, libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova.


nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”


UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono; bheka, yayishisiwe; wabathukuthelela o-Eleyazare no-Itamari amadodana ka-Aroni aseleyo, wathi:


uma kungumpristi ogcotshiweyo owone kanjalo, aze ehlisele abantu icala, wonikela kuJehova ngesono sakhe one ngaso iduna elingenasici, kube ngumnikelo wesono,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite