Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 kodwa amanoni nezinso nalawo asesibindini emnikelweni wesono wakushisa e-althare, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha amanoni, nezinso, nengqanga eliphezu kwesibindi somnikelo wesono, wakuthungela ngomlilo e-altare; njengalokho uJehova emyalile uMose.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 9:10
13 Referans Kwoze  

Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova. “Kepha yilowo engiyakubheka kuye: ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.


Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-altare.


Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare;


Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite