Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 uqoqele yonke inhlangano emnyango wethende lokuhlangana.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ubuthele yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 8:3
16 Referans Kwoze  

Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye.


Kwabuthana eJerusalema abantu abaningi ukuba bagubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngenyanga yesibili, ibandla elikhulu kakhulu.


Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu; izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa phambi kwabamesabayo.


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.


Lonke ibandla lakwaJuda kanye nabapristi namaLevi, nalo lonke ibandla elaphuma ku-Israyeli, nabafokazi abaphuma ezweni lakwa-Israyeli behlezi kwaJuda, bathokoza.


Ngokuba inkosi yayelulekene nezikhulu zayo nebandla lonke laseJerusalema ukuba bagcine iphasika ngenyanga yesibili.


Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.


Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.


UDavide wabuthela wonke u-Israyeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona.


UDavide wayesebutha wonke u-Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi.


Basuka lapho, baya eBeri; lokhu kungumthombo asho ngawo uJehova kuMose, wathi: “Butha abantu, ngibaphe amanzi.”


“Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.”


“Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Uyakuletha amaLevi phambi kwetende lokuhlangana, ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli,


Umpristi ohlambululayo uyakumbeka umuntu oyakuhlanjululwa kanye nalezo zinto phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite