Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 8:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Wafafaza ngamanye i-althare kasikhombisa, waligcoba i-althare nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare nezinto zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo, ukulingcwelisa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 8:11
13 Referans Kwoze  

amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.


UMose wayesethi kubo: “Makungashiywa lutho kukho ngumuntu kuze kuse.”


Esenyukile amazolo akade elele khona, bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.


Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo.”


UJehova wathi futhi kuye: “Faka isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe; lapho esesikhipha, bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa.


Imihla yonke wonikela ngenkunzi, ibe ngumnikelo wesono, ube ngowokubuyisana, uhlambulule i-altare, lapho ulenzela ukubuyisana, uligcobe ukuba ulingcwelise.


Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela i-altare ukubuyisana, ulingcwelise, i-altare libe ngcwele kakhulu, nabo bonke abalithintayo bayakuba ngabangcwele.


umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.


Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.


umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite