Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 7:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “ ‘Umnikelo wecala unjengomnikelo wesono; umthetho wawo munye; umpristi owenza ukubuyisana ngawo woba ngowakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “ ‘Uma kwenziwa umnikelo wesono njengomnikelo wecala kuyolandelwa indlela yomthetho efanayo; umphristi owenza ukubuyisana ngawo kuyoba ngowakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Njengomnikelo wesono, unjalo umnikelo wecala: munye umthetho wawo: umpristi owenza ukubuyisana ngawo uyakuba nawo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 7:7
11 Referans Kwoze  

Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?


uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.


Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela ne-altare na?


Akuyikuphekwa ngemvubelo. Ngikunike kube yisabelo sabo seminikelo yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nanjengomnikelo wecala.


Umpristi onikela ngomnikelo wokushiswa womuntu, isikhumba somnikelo wokushiswa anikele ngawo siyakuba ngesompristi.


Imali yeminikelo yamacala, nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi.


okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.


Okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.


Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala, inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo.


Khona uHazayeli inkosi yase-Aramu wenyuka walwa neGati, walithatha; uHazayeli wabhekisa ubuso bakhe ukwenyukela eJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite